|
Imethetho-Ngganigi Yenkolelo Yenkululeko Nokubusa Okukhululekile Ngentando Yeningi
|
![]() |
|
|
Ukuvumela
amalungelo kubantu bonke (ubulibherali) kanye nokubusa ngentando yeningi
okuvumela amalungelo kubantu bonke kwesekelwe enkolelweni eyisisekelo ethi
abantu kufanele bakhululeke ukufinyelela izinhloso zabo ngendlela yabo -
inqobo nje uma bengavimbi inkululeko yabanye ekwenzeni kwabo lokho.
Amalungelo
abantu Okokuqala, kunokuzinikela kumalungelo abantu ayisisekelo. Amalungelo abantu ayisisekelo, ukwenza isibonelo, ayilungelo lesithunzi sabantu, ilungelo lempilo, ilungelo lenkululeko ebugqilini, ilungelo lenkululelo yenkolo, ilungelo lenkululeko yenkolelo, ilungelo lenkululeko yokuveza izinto, ilungelo lenkululeko yokuhlangana, nokunye. Lelo nalelo lalawa malungelo abantu kubuzwana ngalo ukunquma ukuthi ngabe incazelo enembayo yalo iyini: ilungelo lokukhululeka ebugqilini yilungelo eliphelele elingenakukhawulwa. Kepha-ke kuthiwani ngelungelo lokuveza izinto?
Isibonelo
esidumile somkhawulo lapha ngukuthi umuntu akanakuvumela abantu ukuba
bamemeze ukuthi “ kuyasha” ehholo eligcwele kanti akunamlilo okhona.
Ukwenza njalo kungadala ukuphaphazela futhi abantu bangalimala bezama
ukubaleka. Nokho-ke, abalandela ukuvunyelwa kwamalungelo kubantu bonke (amalibherali)
imvamisa bakuphikisa kabi ukukhawulwa kwamalungelo enkululeko yokuveza
okuthile, noma ukubonwa
kwezici, ngoba kuvamiswe ukusetshenziswa ngohulumeni ukuvimbela abantu
nemibono eyehlukile kuleyo uhulumeni afuna abantu bayikholwe noma bayisho.
Ukulingana Okusemqoka ngokukhethekile phakathi kwamalungelo abuntu ayisisekelo, yilungelo lokulingana. Njengamanye amalungelo ayisisekelo, kunokuphikisana ngokuthi ngokuyikho impela ngabe ukulingana kusho ukuthini. Wonke amalibherali angavuma ukuthi ukulingana kusho ukuthi akunakuba nobandlululo ngezizathu zobuhlanga (ubumnyama noma ubumhlophe) noma ubulili (obesilisa noma obesifazane) noma inkolo (ubuKrestu noma ubuSulumani). Kusenezindawo lapho, ukwenza isibonelo, okushiwo ngowesifazane enkantolo kubalwa kuphela njengesigamu salokho owesilisa akushoyo. Lokhu ngokusobala kungukuphathwa ngokungalingani. Kepha ngabe ukulingana kuphinde kusho ukuthi wonke umuntu kufanele athole iholo elilinganayo noma ahlale ohlotsheni olufanayo lwendlu?
Amalibherali azothi “cha”, kodwa azofuna ukuthi bonke abantu
kufanele babe namathuba afanayo okuthuthukisa izimpilo zabo - yingakho-ke
kugxilwa ekuthuthukisweni kwemfundo kubo bonke abaseNingizimu Afrika.
Amalibherali, ngamafuphi, akholelwa
ekulinganeni ngaphambi komthetho kanye nasekulinganeni kwamathuba.
Ukuphatha
komthetho Lokhu kuzinikela kumalungelo abantu ayisisekelo kuhambisana nokuzinikela kwamalibherali ekuphatheni komthetho. Ukuphatha komthetho kuyiqoqo lokokuphephisa elibhekene nokuphatha okushaya indiva imithetho nokunonya okwenziwa yiziphathimandla. Enkantolo, ukwenza isibonelo, ijaji kufanele lingathathi hlangothi futhi alinakuba ngumuntu obuye abe ngumshushisi (ngamanye amagama alinakuba ngumdlali nosompempe ngasikhathi sinye).
Wonke umuntu,
kufaka phakathi nohulumeni, kufanele alingane ngaphambi komthetho -
kunganakiwe ukuthi ungubani. Noma ngubani obekwe icala kufanele atshelwe
ngokucacile ukuthi wethweswe icala lani ukuze akwazi ukuzivikela. Wonke
umuntu uthathwa njengomsulwa aze abe ukhonjisiwe ukuthi unecala. Amajaji
kufanele azimele, okusho ukuthi uhulumeni noma omunye umuntu
akufanele azame ukuwatshela
ukuba enzeni, noma awesabise. Izinqumo zezinkantolo kufanele zibe
nokuvumelana, okungukuthi amacala afanayo kufanele abe nemiphumela efanayo.
Ngamafuphi, kufanele kube nokungakhethi endleleni abantu abaphathwa ngayo
yiziphathimandla.
Konke
lokhu kuhambisana nenkolelo yamalibherali yokuthi uhulumeni nombuso
kufanele kusebenze ngokulandela umthetho nokuthi imigomo ethile
eyisisekelo ayinakuguqulwa noma uhulumeni efuna (ukwenza isibonelo,
ilungelo lesithunzi sabantu). Imigomo eyisisekelo enjena imvamisa,
kepha hhayi njalo, ibhalwe phansi kumthethosisekelo wezwe.
Inkululeko
yomuntu ngayedwa Isisekelo salezi zinkolelo ezivumela amalungelo ngukubaluleka amalibherali akunamathisela kumuntu ngamunye namalungelo nezibopho zakhe. Wonke umuntu oyedwa ubalulekile. Amalibherali akholelwa ukuthi abantu kufanele bazinqumele bona bangatshelwa ukuthi benzeni ngaso sonke isikhathi. Kufanele bakhululeke ukuphila impilo abayifunayo, inqobo nje uma ekwenzeni njalo bengakhawuli inkululeko yomunye.
Ngamanye amagama, ilungelo lakho
lokushwiba izingalo zakho ngokukhululeka liyema lapho uqala ukushayisa
omunye ngazo.
Le
nkolelo enkululekweni yomuntu ngamunye yendlalela yonke imigomo
esiphawuliwe. Ngaphezu kwalokho, ukuvunyelwa kwamalungelo kubantu
bonke(ubulibherali) kufuna ukubekezelwa kwemibono eyahlukahlekene kanye,
nokunzima kukho konke, nokubekezelwa kwemibono eyahlukile kweyethu.
Umbhali odumile wake wathi, “Angivumelani nokushoyo, kepha ngizovikela
kuze kuye ekufeni ilungelo lakho lokuba ukusho.”
Imakethe
ekhululekile nempahla yangasese Amalibherali abuye angenise umqondo wenkululeko yomuntu ngamunye kanye namalungelo omuntu ngamunye endaweni yezomnotho. Eqinisweni, uma sekukhulunywa ngokomlando, udaba lwamalungelo empahla kwakuyisona sisekelo senkululeko yomuntu ngamunye kanye namalungelo omuntu ngamunye. Okokuqala, kunomgomo othi abantu bangaba ngabanini bempahla.
Uma kubhekwa kusisekelo okuyisona
esingesokuqala sakho, lokhu kusho ukuthi lowo nalowo muntu ungumnini wakhe
luqobo lwakhe, futhi
ngalokho-ke akanakuba ngowomunye umuntu, okusho ukuthi akunamuntu ongaba
yisigqila. Umuntu okhululekile onje angaba nenye impahla:
okokugqoka, izincwadi, ifenisha, umhlaba,
izindlu, izimoto kanye nemicabango, lokho okuye kubizwe ngokuthi
yimpahla yengqondo. Okwesibili, abanini bempahla kufanele bakwazi ukuhlangana ngoxolo bathengise impahla yabo futhi bathenge impahla yabanye abantu ngokukhululeka. Amalibherali akholelwa ukuthi umbuso kufanele ugxambukele kule makethe ekhululekile ngendlela encane ngokusemandleni. Lokhu kuhambisana nenkolelo yokuthi wonke umuntu unelungelo lokusebenza okukhululekile kwezomnotho -umbuso akufanele ungitshele ukuthi kumele ngithathe muphi umsebenzi, ngifundele muphi umsebenzi noma ukuthi ngiqale noma ngivale ibhizinisi. Kufanele ngivunyelwe ukwenza engikucabanga ukuthi ngingakwenza kahle kakhulu.
Amalibherali ayabuza
ukuthi umuntu ukhululeke kangakanani eqinisweni, uma engakwazi
ukuzithathela lezi zinhlobo zezinqumo ezibalulekile. Lokhu kuxhumana
namaphuzu enziwe ngokukhuleleka komuntu ngamunye, ngoba kudinga
ukwenanelana okukhululekile kwemicabango nemibono. Okwesithathu, amalibherali amaningi ayangabaza ukuthi umbuso kumele ube sebhizinisini: izinkampani ezingezombuso njengezezindiza, ezezitimela, ezabaletha ezamanzi nogesi zivamise ukusebenza ngokuba nokulahlekelwa futhi nezintela zabantu zisetshenziswa ukugcina lezi zinkampani zisebenza. Ngokunjalo, izinkampani ezingezombuso imvamisa zikhokhisa abazisebenzisayo ngokungaphezulu kokukhokhiswa yizinkampani zangasese, ezincintisana ngebhizinisi namakhasimende.
Okwenzekayo emhlabeni wonke kuxhasa umcabango wokuvunyelwa
kwamalungelo abantu bonke wokuthi ngukuncintisana kuphela okuqinisekisa
insebenzo enhle kanye namanani entengo amahle (selokhu kwabekwa ezandleni
ezingekho ngaphansi kukahulumeni nasekungenisweni kokuncintisana,
izingcingo ezishaywa kuleyo ndawo e-United
States, azikhokhelwa, ukwenza
isibonelo).
Okwesine,
amalibherali ayavuma ukuthi akunakufinyelela okulinganayo emakethe.
Njengoba ekholelwa ekwandiseni ukulingana kwamathuba, amalibherali
ngalokho awafuni ukuqeda imakethe; inhloso yawo ukusiza abantu ukuba babe
yingxenye yemakethe nokuthi bazuze kuyo. Afuna ukususa izithiyo
nokuvinjelwa kokuphathwa yizisebenzi zikahulumeni nokungadingeki,
abantu abahlangabezana nakho,
ukunikeza ukufinyelela okukhudlwana emfundweni engcono
nasekuqeqeshweni nasekwenzeni ukuthi ulwazi oludingekayo lutholakale
ukujoyina imakethe.
Ukubusa
ngentando yeningi okuvumela amalungelo kubantu bonke Uma sekukhulunywa ngempela, ukubusa ngentando yeningi akuyona enye yezinto ezingumongo wokubalulekile kokuvunyelwa kwamalungelo kubantu bonke, kepha uma kuhlanganiswa, ukubusa ngentando yeningi kuba ngukuphela kohlelo lwezombusazwe ngaphansi kwalo okungabakhona ngempela lokhu okubalulekile. Ngokuyikho: amalibherali akholelwa ukuthi kungukubusa ngentando yeningi okuvumela amalungelo kubantu bonke, hhayi “ukubusa ngentando yeningi yeqembu elilodwa” futhi hhayi “ukubusa ngentando yeningi engeyabantu” okudingekayo. Akwenele ukuthi ukubusa ngentando yeningi okuvumela amalungelo kubantu bonke kumane kube nokhetho olwenziwa njalo, uma kuneqembu elilodwa kuphela okukhethwa kulo, noma uma iningi livotela esihlalweni uhulumeni owethembisa ukubulala wonke amalungu eqembu noma izinga elithile, noma uma ngabe zonke izakhamuzi ezingaphezu kweminyaka ethile azivunyelwe ukuvota.
Ukubusa ngentando yeningi okuvumela amalungelo kubantu bonke kufuna
ukhetho olukhulekile nolungakhethi, olubanjwa njalo futhi nokuvunyelwa
kulo zonke izakhamuzi (imvamisa
ezineminyaka eyi-18 noma ngaphezulu) ukuba zivote - kepha phezu kwalokho,
kudinga konke okubalulekile okungumongo okuchazwe lapha:
ukuzinikela kumalungelo abantu ayisisekelo,
amalungelo okulingana, amalungelo okuphatha komthetho, amalungelo
okukhululeka komuntu ngamunye kanye namalungelo empahla yangasese
nemakethe ekhululekile. Enye ingxenye ebalulekile yokubusa ngentando yeningi okuvumela amalungelo kubantu bonke yilokho okubizwa ngokuthi ‘ukwehlukaniswa kwamandla’. Lokho kusho ukuthi kunenhlangano eyodwa enamandla ukwenza imithetho (iphalamende), enye inhlangano enamandla okufaka leyo mithetho (uhulumeni noma ‘abaphethe’) kanye nenhlangano yesithathu (izinkantolo) enamandla okunquma izingxabano nokungavumelani okungahle kuqhamuke kule mithetho.
Amalibherali akholelwa
ukuthi la mandla akumele wonke abe sezandleni ezifanayo, ngoba lokho
kungaholela kalula ekusetshenzisweni kabi kwamandla nasenkohlakalweni.
Ngokugcina la mandla ehlukene, zonke lezi zinhlangano (iphalamende,
abaphethe, izinkantolo) ziyabhekana zilungisane.
Kunokunye
okungumongo wokuvunyelwa kwamalungelo kubantu bonke nakho okubaluleke
kakhulu. Ngokwesiko lokuvunyelwa kwamalungelo kubantu bonke, ukwenza
isibonelo, isihawu siwutho lokuvunyelwa kwamalungelo kubantu bonke.
Amalibherali amaningi akholelwa ukuthi lokhu nokunye okubalulekile
kulandela ngokuthi kumane kwenzeke kuqhamuke ekukholelweni kumalungelo
abantu ayisisekelo nenkululeko yomuntu ngamunye.
Ngokungafani
nezinye izinhlelo zezinkolelo zezombusazwe, ukuvumela amalungelo kubantu
bonke akwenzi sengathi kungokwe’”sayensi’ nasekuthini umuntu
angalinganisa ukuthi umlibherali ‘umsulwa’ kangakanani. Ukuvumela
amalungelo kubantu bonke kuyinkolelo enamandla, ekwazi ukuziphendukisela
nebuswa ngumqondo othile enikeza izixazululo ngezinkinga zanamuhla.
Ukubusa ngentando yeningi okuvumela amalungelo kubantu bonke
kuyisiqiniseko esihle kunazo zonke esakhe sasungulwa ukuze kubhekanwe
nokusetshenziswa kabi kwamandla kanye nenkohlakalo ehambisana nakho.
<<Main |
-INDEX- -About us- -Country Offices- -News Archive- -Media- -Books-
-Liberal Partners- -Liberal Thinkers- -Specials- -Contact-
Copyright © 2004 Friedrich Naumann Foundation Africa
These articles may be
republished without prior consent but with acknowledgement.
The Friedrich Naumann Foundation can not be held responsible for the content found on external links